Ungqongqoshe wezokuthutha, esifundazweni iGauteng u Kedibone Diale-Tlabela, uthi usezingxoxweni nabanini bamatekisi nalabo abasebenzisa izithuthi ezibizwa abagebengu besebenzisa ezobuchwepheshe besimanje, emuva kokubulawa ngesihluku umshayeli waloluhlobo lwesithuthi enxanxatheleni yezitolo iMaponya eSoweto izolo ebusuku.
UMthokozisi Mvelase oneminyaka engu-27 ubudala udutshuliwe ngaphambi kokuba bamshise kanye nemoto yakhe. Amalunga omndeni wakhe athi ubesanda kuthenga imoto emasontweni amabili edlule futhi ubenezinsuku ezintathu nje kuphela ewuqalile lo msebenzi.
Sixoxisane nokhulumela iSantaco, uMandla Hermanus oveze ukuthi badumele ngokubulawa kuka Mvelase wachitha nezinsolo zokuthi kukhona indima abayidlalile kulesi sgameko. Siphinde saxoxa no Lesisa Mpya okhulumela umnango wezokuthutha esifundazweni iGauteng.

EZANGEMPELASONTO: ALL SYSTEMS GO FOR THE NATIONAL LANGUAGE SUMMIT
36:23

EZANAMUHLA: BOBBIE BEAR ON THE STATUS OF CHILDREN WHO ARE STATELESS DUE TO NOT HAVING PROPER DOCUMENTS.
32:32

EZANAMUHLA: Border Management Authority has begun a campaign to eradicate corruption at the country's ports of entry.
06:00