Ukhozi FM Current AffairsUkhozi FM Current Affairs

ABASIKI BEBUNDA: SACR PRAISES CONCOURT DECISION ON ASYLUM SEEKERS

View descriptionShare
 

I- South Africans for Constitutional Reform (SACR) income isinqumo senkantolo yomthetho sisekelo sakamuva esithi umnyango wezasekhaya wephula umthetho ngokubuyisela abokufika abase Ningizimu Afrika ngokungemthetho emazweni abo. I-SACR ithi lokhu kuzonikeza uhulumeni ithuba lokuhlunga phakathi kwezigebengu ezibalekela ingalo yomthetho emazweni abo, abokufika abakuleli ngenxa yokuzofuna amathuba okuziphilisa, kanye nalabo abazisulu zempi emazweni abo. 

Sixoxisane nokhulumela le nhlangano, uPrincy Mthombeni. 

Inhlangano eyaziwa nge Scalabrini Centre of Cape Town kanye nabammeli abalwela amalungelo abantu, baphonsela inselelo ukuchibiyelwa komthetho ophathelene nokufuduka, iRefugees Act. Lesi sinyathelo savumela umnyango wezasekhaya ukuthi ukwazi ukunqaba izicelo zabokufika abakuleli ngokunge mthetho.

Ngemuva kwesinqumo sakamuva senkantolo yomthetho sisekelo, bonke abokufika, ngisho nalabo abakuleli ngokungemthetho, bavumelekile ukuthi bafake izicelo zokubhaca kuleli.  Umyalelo ovela ehhovisi lomnyango wezasekhaya unxuse onke amahhovisi omnyango asiza abokufika kuleli, ukuba amukele zonke izicelo ezintsha zabokufika. 

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

In 2 playlist(s)

Ukhozi FM Current Affairs

Ukhozi FM News and Current Affairs. Brought to you by SABC News.
Social links
Recent clips
Browse 1,072 clip(s)