ABASIKI BEBUNDA: #NOTINMYNAME PRAISES JUDGE'S DECISION TO DENY SIBIYA BAIL

 

Inhlangano elwisana nodlame lobulili, iNot In My Name income isinqumo sejaji sokunqabela lowo obekade eyiphini likakhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uShadrack Sibiya ibheyili. Umsunguli wale nhlangano, uThemba Masango, uthi kodwa lokhu akusho ukuthi unecala noma umsulwa, kodwa umbuso ubhekene nomthwalo wokuphenya kabanzi ukuze ikwazi ukuletha ubufakazi obuqinile enkantolo. 

USibiya, ubhekene namacala okubalwa kuwona ukushushumbisa abantu, ukufundisa ingane eneminyaka eyishumi nesithupha imikhuba yocansi kanye nezinsolo zokudlwengula owesifazane oneminyaka eyishumi nesishiyagalombili ubudala.