Umholi weMarch & March, uJacinta Ngobese-Zuma uzichithile izinsolo zokuthi kunemibhikisho enodlame abayihlele umhlaka 30 June. Lokhu emva kwesexwayiso sikangqongqoshe wamaphoyisa wesikhashana, uFiroz Cachalia, kulabo abahlele imibhikisho enodlame. UCachalia uthi wonke umuntu unelungelo lokubhikisha ngokuthula futhi labo abazobe bephethe izikhali bazoboshwa.
Lokhu kuvele kwisithangami nabezindaba esibizwe ongqongqoshe bohlaka olubhekelele ezokuphepha kuleli namuhlanje eParktown esifundazweni iGauteng.
UNgobese-Zuma uthi bazokhipha imniningwano efanele ngoLwesithathu kuleli sonto ngombhikisho onokuthula abawuhlelele umhlaka 30 June.

EZANAMUHLA: CONTRALESA ON SOLUTION TO ILLEGAL IMMIGRATION MARCHES.
05:21

EZANAMUHLA: AHMED KATHRADA FOUNDATION ON RALLY AGAINST SHUTDOWN.
09:37

ABASIKI BEBUNDA: MTUBATUBA RESIDENTS TAKE TO THE STREETS OVER LAND SALE ISSUES
08:17