Ukhozi FM Current AffairsUkhozi FM Current Affairs

ABASIKI BEBUNDA: KZN EDUCATION DEPARTMENT DENIES BEING PLACED UNDER ADMINISTRATION

View descriptionShare

Umnyango wezemfundo esifundazweni iKwaZulu-Natal uthi iyadukisa imibiko yokuthi yokuthi usufakwe ngaphansi kweso lomqaphi. Lo mnyango uthi uhulumeni kazwe lonke kuphela onegunya lokuthatha leso sinyathelo ngokwesigatshana 100 somthethe-sisekelo wezwe. Lokhu, emva kwesimemezelo sikangqongqoshe womnyango wezimali esifundazweni, umnumzane Francois Rodgers, sokuthi ufake lo mnyango ngaphansi kweso lo mqaphi ukugwema ukuthi usebenzise imali ongenayo. 

Ungqongqoshe wezemfundo esifundazweni, uSipho Hlomuka uthi ayikho incwadi abayitholile eqinisekisa okushiwo umnyango wezimali esifundazweni. Futhi bayaqhubeka nomsebenzi ngokujwayelekile. 

UHlomuka, uphinde waphendula nangembiko yenhlangano engenzi nzuzo, iVuthamuphilo NPC, ngesimo sezikole ezimbili eMbumbulu. 

Kanti, unobhala wenyunyana yothisha esifundazweni, uNomarashiya Caluza, uyavumelana nomnyango. 

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

In 2 playlist(s)

Ukhozi FM Current Affairs

Ukhozi FM News and Current Affairs. Brought to you by SABC News.
Social links
Recent clips
Browse 763 clip(s)