Uhulumeni wesifundazwe iGauteng uzichithile izinsolo zokuthi isinqumo sawo sokumisa ukusebenza kophiko olulwisana nobugebengu emphakathini, i-Crime Prevention Wardens, lungenxa kophenyo lukamvikeli womphakathi. Lokhu kuza ngemva kokuthi umvikeli womphakathi ethole ukuthi ukusungulwa kohlelo lwamaphoyisa aqapha ubugebengu abizwa ngamaPanyaza eGauteng kwakungekho emthethweni. Kanti, i--Democratic Alliance imemezele ukuthu izofaka isiphakamiso sokungamethembi undunankulu wesifundazwe uPanyaza Lesufi esishayamthetho.
Ungoti wezokuphepha, uAndy Mashaile, uthi izinhlaka ezilwisana nobugebengu emphakathini ziwusizo olukhulu futhi akahambisani nale sinqumo.

EZANAMUHLA: CORRUPTION RESPONDS TO SIU INVESTIGATION INTO HOME AFFAIRS CORRUPTION.
09:58

EZANAMUHLA: MARCH AND MARCH LEADER RESPONDS TO SIU'S INVESTIGATION INTO HOME AFFAIRS CORRUPTION.
19:48

EZANAMUHLA: ANIMAL SCIENCE AND ANIMAL HEALTH EXPERT WEIGHS IN ON KZN FOOT-AND-MOUTH DISEASE OUTBREAK.
09:51