Ukhozi FM Current AffairsUkhozi FM Current Affairs

ABASIKI BEBUNDA: AMBASSADOR NATHI MTHETHWA (58) FALLS TO HIS DEATH IN PARIS

View descriptionShare

Ukushona kwenxusa leNingizimu Afrika ezweni lase France, umnumzane Nathi Mthethwa kushiye abaningi beshaqekile. Isidumbu sikaMthethwa sitholwe eHyatt Hotel eParis futhi kusolwa ukuthi ushonele khona ngemuva kokuwa ehhotela esuka esitezi sesi 22 wayowela phansi.

Lesi sgameko senzeka nje igama lakhe belisanda kuba sematheni ngesikhathi ekhonjwa ngenjumbane ngu Liutenant - General Nhlanhla Mkhwanazi, owathi uMthwethwa waphoqa lowo owabe engumseshi jikelele wezobunhloli uFaith Radebe ukuba ahoxise icala lobugebengu elalibhekene nalowo owayeyinhloko yezobunhloli uRichard Mdluli. 

UMthethwa usebenze ezikhundleni ezehlukene kuhulumeni, okuhlanganisa nokuba ngungqongqoshe wamaphoyisa phakathi kuka 2009 kwaze kwaba u 2014. 

Umhlaziyi wezepolitiki uProf Bheki Mngomezulu wesikhungo semfundo ephakeme i-Nelson Mandela University uxoxisane nentatheli yezindaba zeSABC, uTusokwakhe Mhlaba.

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

In 2 playlist(s)

Ukhozi FM Current Affairs

Ukhozi FM News and Current Affairs. Brought to you by SABC News.
Social links
Recent clips
Browse 763 clip(s)