Ubusuku ObuhleUbusuku Obuhle

#Ubusuku Obuhle - Sihleli Ekhoneni - (Kulesikhathi samanje intsha ibonakala ingasasithathi isikhathi esanele sokwazana nomuntu kodwa kujahwe ucansi ) - 26 September 2024

View descriptionShare

Kulesikhathi samanje intsha ibonakala ingasasithathi isikhathi esanele
sokwazana nomuntu kodwa kujahwe ucansi. Kuthiwa intombi ishelwa
ngamanga kodwa kulezinsuku ayisashelwa intombi ngesizathu sokwakha
noma ngenxa yothando kodwa lamanga asetshenziswa ukuze ilutheke
intombi kulalwe bese edlulela komunye.

Ngabe ngendlela ekwakwenziwa ngayo emandulo uma kukhulunywa

ngokuqoma nokuqonwa kusanendawo yini namhlanje? Ngabe kungasiza
ekutheni intombi nensizwa igcineke? Ngabe kungenzeka ukuthi abafana
badlala ngamantombazane kangaka ngoba amantombazane akanamthetho?
Kungani kungalindeleki ukuthi insizwa ibe nesimilo kodwa kube umthwalo
wentombazane?

Iziphi izinto ezinhle esingazithatha sizisebenzise uma sibheka indlela
ebekwenziwa ngayo kudala ezingayisiza intsha iqoqeke?

Uthini umbhalo?

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

Ubusuku Obuhle

Ubusuku Obuhle is Ukhozi FM’s flagship talk show. It aims to educate, inform and entertain listeners 
Social links
Recent clips
Browse 934 clip(s)