Open Letter
Msakazi Imfundo ayikhulelwa, ngisho Njalo ngoba kunabantu abangalitholanga ithuba lokufunda besabancane. Iminyaka isihambile kodwa isikhathi sisakhona.
Ziningi izindlela zokufunda manje, akusadingi ukuthi umuntu ebuyele eklasini.
UBaba wamngani wami uMnumzane uDumisani Dube ungifundise lokhu futhi. Kulempelasonto ubefakwa enkantolo enkulu njengommeli. Eminyakeni emihlanu eyedlule wathatha isinqumo sokufeza iphupho lakhe lokuba ummeli. UBaba osekhulile, wakhulisa amantombazane akhe amathathu wawabona ethweswa iziqu zabo, bagcagca bamenza umkhulu.
Abaningi bengathi useyiphile yaphelela impilo yakhe, kepha kuye bekuhlezi kunephupho lokuba ummeli. Ngifikelwa amazwi esilungu athi “A dream delayed is not a dream denied.”
Iphupho lakho kusayiphupho lakho ngisho kungadlula iminyaka engakanani kepha uma lisasenhlizweni yakho kusangelakho ukuthi ulifeze.
Ngifikelwa ukuziqhenya okukhulu ngoBaba uDube nakwenzile. Ungifundise ukubuyela emuva ngibuyekeze amaphupho ami ngiqale phansi ngizikhumbuze izethembiso engazeza kumina. Uma umphefumulo usahlangene nenyama lisangafezeka iphupho.
Imina Ozithobayo
Umlaleli WoKhozi fm

#Ubusuku Obuhle -Ezemfundo- 09 March 2026
25:54

#Ubusuku Obuhle -Ezemfundo (Faka isicelo sokufunda esikhungweni semfundo ephakeme manje(Apply now) - 09 March 2026
19:58

#Ubusuku Obuhle - Saney Mbatha, founder of Saney Mbatha & Associates Inc. - 09 March 2026
39:36