Ubusuku ObuhleUbusuku Obuhle

#Ubusuku Obuhle - Ezemfundo (isigaba sokuqala) - Learner support agents - 16 April 2026

View descriptionShare
 

Singena engxenyeni yokuqala yezinhlelo zethu zemfundo lapho esibheka khona okuthinta umfundi ukumthuthukisa ngaphakathi nangaphandle kwaseklasini. 

Umnyango wezemfundo ukwenza konke ukuqikelela ukuthi abafundi bathola konke ukusizakala ezikoleni, okungabe kuthinta izifundo zakhe, ukuhlukumezeka khona esikoleni nangaphandle kwasesikoleni nokunye okuningi okwenzeka empilweni yomfundi nomfundi. Njengamanje ezikoleni kunabantu ababizwa ngokuthi ama-learner support agents ukulekelela nokuqwashisa abafundi ngezinto ezahlukahlukene. Okukhuthazwayo noma okugqugquzelwayo ukuthi abafundi bazisebenzise lezizinhlaka ngoba zikhona kuzona zonke izikole ukulekelela bona. 

Loluhlelo ulwethulelwa ezemfundo emsakazweni Ukhozi FM. SABC Education, Enriching minds, enriching live. 

Guest: Miss. Andiswa Shezi 

 

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

Ubusuku Obuhle

Ubusuku Obuhle is Ukhozi FM’s flagship talk show. It aims to educate, inform and entertain listeners 
Social links
Recent clips
Browse 1,849 clip(s)