Ubusuku ObuhleUbusuku Obuhle

#Ubusuku Obuhle - Ezemfundo (Isigaba sesibili) DHET - Ukuzazi kanye nentshisekelo yomkhakha womsebenzi (Self-knowledge and Career interest) - 16 April 2026

View descriptionShare
 

Singena engxenyeni yesibili yezinhlelo zethu zemfundo lapho esibheka khona okuthinta umfundi ukumthuthukisa ngaphakathi nangaphandle kweklasi. sisaqhubeka nochungechunge lohlelo lwethu olubaluleke kakhulu kuwena mfundi olubizwa ngokuthi ‘’Khetha” olukhuma ngemikhakha eyahlukahlukene, ukungena ezikhungweni zemfundo ephakeme, ukufundela amakhono omsebenzi nokunye okuning okuthinta wena nekusasa lakho. 

Uzokhumbula ukuthi ngesonto elidlule sasikhuluma ngokuthi abafundi baka-grade-9 bangazikhetha njani izifundo ezizobenza bakwazi ukulandela amaphupho abo okungena emikhakheni abayifisayo ngemuva kokuphasa umatikuletsheni, kanti namhlanje sikhuluma ngokuzazi wena uqobo kanye nentshisekelo yomkhakha womsebenzi ofisa ukuwenza. Okuyinto ebaluleke kakhulu ukuze ukwazi ukwenza isinqumo esiphusile ngekusasa lakho lomsebenzi okufanele noma ohambisana nawe. 

Loluhlelo ulwethulelwa iDepartment of Higher Education and Training (DHET) ngokubambisana neSABC Radio Education emsakazweni Ukhozi FM. Enriching minds, Enriching lives. 

Guest: Ms. Thembelihle Bhanabas 

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

Ubusuku Obuhle

Ubusuku Obuhle is Ukhozi FM’s flagship talk show. It aims to educate, inform and entertain listeners 
Social links
Recent clips
Browse 1,849 clip(s)