: Sawubona sis Thembeka, ngiyabingelela kuwena nomlaleli
woKHOZI FM. Ngike ngizwe niyabasiza abantu ababhekane nezinkinga
ezahlukahlukene khona lapha emskaazweni. Ngicela usizo lana, ngiyintombaze
eneminyaka ewu 29, ngaba nenkinga ngadlwengulwa ngabantu engibabiza
ngokuthi ngoMalume , babili labantu , konke lokhu bakwenza ngesikhathi ngihlala
kubo emakhaya.
Ngicela ningisize ngolibo fuzo phecelezi DNA test, ngidinga nokuthi bajeze
ngabakwenza kumina futhi kunengane eyaba umphumela yalokhu okuthi mangabe
ingivakashele ngiyibuke ngivele ngibone bona ngqo abenzi bobubi,umoya wami
awuzixoleli, sengike ngazama nokuthi ngithathe impilo yami kodwa akuphumeleli
, nginokuzinyanya abakwenza kumina. Sebake bazama ukungisiza
esibhedlela kodwa angikhulumanga ngokuningi, ngidinga nokululekwa mina
nengane yami, kunjalo nje nengane abayinakile iyasokola. Ngiyafisa ukuyixoxa
indaba ngomlomo wami ngicela ningifihle igama lami.

#Jabulu Jule - Andile KaMajola - 02 October 2026
11:01

#Jabulu Jule - Ikhaya Lamaciko no Siyabonga Mpungose (R40 000) - 30 September 2026
16:00

#Jabulu Jule - Ingono yoMsamu no VVO - 30 September 2026
20:23