JabulujuleJabulujule

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma udaba lowesifazane ofihlwa yindoda yakhe, iyibona ebusuku kuphela emini ayifuni babonakale behamba ndawonye .

View descriptionShare

Ngibingelele Mam Khoza Nomaleli woKHOZI FM
Nginomuntu engizwana naye akangiphethe kahle izinto azenzayo
ziyangihlukumeza wenza noma yini mangithi ngiyamkhuza ngiyamtsela
ngamaphutha akhe akhwele azehlele ashiye angalazi angitsele ukuthi yena
unomama bezingane zakhe yena kusamele aganwe mangizibhekile
angathatha mina angiyise kubo.
Ngasukelwa nguye ngingambizanga wangishela engibona pho yini le
eseyenzeka angibone ngingasile uyangifihla akafuni nje kwaziwe uzwana
nami emini noma engangibona ngathi ayazani ebusuku ke useyangazi
Uma elele kwami angafuni bambone ephuma kwami mangikwakhe
angivuse athi angihambe ziningi izinto ezibuhlungu azenzayo ezingilimaza inhliziyo sengizame kaningi ukumyeka akayekeki angisamthandi kepha
inhliziyo ayifuni ukumdela ngizame kaningi kuthi sengimkhiphile sengizizwa
sengi right avele abuye abe right kumsuke futhi, inhliziyo yami isihlala
ibuhlungu ngize ngikhulume ngedwa ngisho ngihamba emgwaqeni
ngingezwa ne moto ngisaba nokuhlaselwa I depression ngoba yake
yangihlasela.
Uyangishisa lomuntu wesilisa angibize endlini yakhe ngifice ama take away
amabili ne drink okukhombisa ukuthi bekuno muntu angeke futhi ngisho
lutho ngithule kodwa ngaphakathi ngibe ngisha, kwamali akangiphi ngisho I
cent , kwala ngiyibona angikwazi ukucela ngisho ngingasebenzi
ubengayingeni unesihluku lomuntu wenza noma yini phambi kwami
ukhuluma noma ikanjani angisamfuni kepha ngiyahluleka ukumyeka

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

In 1 playlist(s)

  1. Jabulujule 9 -12

    1,559 clip(s)

Jabulujule

Rural Development, women empowerment, crime awareness, health and lifestyle are what characterize Ja 
Social links
Recent clips
Browse 1,563 clip(s)