Ngingowesifazane ona 35, nowahlukumezeka kakhulu othandweni. Ngendlela engahlukumezeka ngayo ngangithi ngeke ngiphinde ngiqome. Kuthe ngonyaka owedlule ngajwayelana nomunye wesifazane ngala ngihlala khona engangimazi ukuthi uthandana nobulili obufanayo. Sibe abangani isikhashana wabe esengicela ukuthi sizame ngakwezothando. Ayi bo, angiyazi mina impatho enje!. uyazi kwavele kwangathi ngiyaqala ngqa nokuba sebudlelwaneni. Angikaze ngizizwe kanje ngaphambilini ngisho ngisathandana nabantu besilisa. Into engihluphayo nokho ukuthi udaba ngizolubeka kanjani ekhaya ngoba balindele ukuthi ngigane kanti mina kangisazimisele nje neze ngabantu besilisa. Ngibonile ukuthi umuntu wesifazane uyacophelela ngenxa yokwazi izingqinamba esibhekana nazo kanti le enye I gender ayazi lutho futhi kayinandaba nanokwazi ukuthi yini ekujabulisayo futhi yini ekuphatha kabi. Ngiyafisa ukubika udaba ekhaya kodwa ngiyesaba.

#Jabulujule - Notha Ujule ngezamabhizinisi -NgoJanuwari 2025, i-Companies and Intellectual Property Commission (CIPC)yamemezela uhlu lwezinkampani ezingahambisani nemithetho, yacela ukuthi zithumele izitatimende zobunikazi (beneficial ownership declarations) kanye nezincwadi zokubhalisa amasheya (securities registers) ngaphambi komhla ka-21 kuJanuwari 2025. Kwakuthiwe uma lezizinkampani zehluleke ukwenza lokhu ngaphambi komunqamulajuqu, zizovinjelwa ukwenza noma yimuphi umsebenzi ne-CIPC.szibalelwa ku 800 000 izinkampani ezazilengela eweni lokwesulwa emabhukwini alenhlangano (organisation)
16:11

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu -Siqwashisa abantu ngezigebengu ezivela kubantu besifazane nabesilisa egameni lothando kanti bazobathathela izimali zabo zempesheni.
21:23

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Lwazi Khuzwayo vs Ibhunu Langa
24:43