Ngiyabingelela kuwe Mam Khoza. Ngokuthunywa umndeni sikwa Mhlabuyalingana ngokuhlala sidinga usizo. Sinenkinga yokuhlushwa idlozi okwa-kumele lithathwe umama wethu kodwa wagcine engalithathanga. Manje uma siyobheka kubantu livela kithina sonke sizingane zakhe kanye nakubazukulu imbala. Kumanje lento iyasihlukumeza emndenini ngoba sivalelekile ezintweni kangangokuthi akekho noyedwa umuntu osebenzayo layikhaya, akushadi muntu . Sididekile kumanje ngoba asazi uyena muphi umuntu okumele athathe lolubizo. Siyacela nisilekelele ngoba sesichithe izimali eziningi sizama ukulungisa lesisimo kodwa akulungi lutho,sibulawa nayindlala kumanje ngoba abantu sebasiqole kakhulu sivele singenalutho. Siyacela mamKhoza nisisize asinalutho esandleni kodwa sidinga usizo ngoba sigcine sesixa-bana ngasodwa sogcine sesibulalana kumanje asizwani egcekeni kunzima. Ngiyabonga, ngiyathemba sizosizakala. Okhathazekile Kwamhlabuyalingana

#Jabulu Jule - Bishop S.S Mdletshe - 23 July 2026
11:48

#Jabulu Jule - Ikhaya Lamaciko no Siyabonga Mpungose - 22 July 26
17:04

#Jabulu Jule - Ingono yoMsamu no VVO - 22 July 2026
15:32