Mam Lady "D" ngomhlaka 5 December ka 2024 sabeka umfowethu omdala endliniyakhe yokugcina e West Park cemetery eGoli. Umfowethu ushone eseshade okwesibile.Esahlukanisa nomakoti wakhe omdala owayekade esemzalele izingane ezinhlanu. Eqinisweni ushonanje ubafo, ubesethenge umuzi khona eGoli ehlala nezingane angazizali zalomakotindini omusha nabazukulu bakhe, obengafunekuzwa lutho ngezingane zikamfowethu engazifuni kwangempela nalazihambekhona. Inqikithi yendaba okuyiyona engilethe kwi (Tea Time) umesuli wezinyembezi, yaqala ngalo usuku lomncwabo kwabakhona isigcawu laphoke umndeni kaloyomakoti wawusumeme abangani bawo abenze izifundo zobumeli, hayi! laphoke satshelwa emakhaleni sachaziselwa ngokucacile ukuthi thina zalo luka mufi Kanye nezingane zakhe asiyikuthola ngisho indwangu yokufinyale kamufi, ngisho nendibilishile emafeni. Ekuqaleni indodana kamfowethu endala ikhombise ukungafuni ukungenelela kwami kuloludaba, kodwa manje sengiyabona njengomzali ukuthi sekumele ngingenelele yingakho ngize oKhozini

#Jabulu Jule - Ngikhulekise no Sphumelele Mbambo - 21 May 2026
27:51

#Jabulu Jule -IKHAYA LAMACIKO no Siyabonga Mpungose - 20 May 2026
10:03

#Jabulu Jule - INGONO YOMSAMO no Professor VVO Mkhize - 20 May 2026
17:08