Ngibingelele Mam Khoza nomlaleli ngathi ngilele ngaphupha sise khabo mama siwumndeni nje nomzala nabafowethu siphelele sonke,kwaqhamuka ugogo wathi nangu umakoti engivezela owesifazane engingamazi wase engipha umtwana womfana ,ewuuuu ngajabula khona lapho ephusheni ngasengiphaphama , Mam Khoza nomlaleli ngangempela kwenzekile ngahlangana nowesifazane nakhona kwakungathi umuntu ekudala ngamazi, ngayibika kuyena sazwana futhi sagcina sihlangana simbatha ngengubo eyodwa, sahlangana kakukodwa nje voooo sagcinana lapho nalomuntu ,mam Khoza lona wesifazane uqhamuke esevumbuka ngo July wathi mina naye sinomtwana ,ubengaboni ukuthi ukhulelwe ubone esenezinyanga eziyisithupha( 7months),wangisendela izithombe , eyi Mam khoza uyimi izinqotho mama,kodwa ngiyakhala Mama Khoza.

#Jabulu Jule - Andile KaMajola - 02 October 2026
11:01

#Jabulu Jule - Ikhaya Lamaciko no Siyabonga Mpungose (R40 000) - 30 September 2026
16:00

#Jabulu Jule - Ingono yoMsamu no VVO - 30 September 2026
20:23