Ngingowesifazane oneminyaka engaphezulu kuka 50
owaba sothandweni nowesilisa owayengayisho iminyaka yakhe, enqaba
nokuveza iPasi lakhe. Ekugcineni uvele waduka nje wangafona wangasho
lutho ngazama ngancama ukuxhumana naye kodwa lutho.
Kudlule isikhathi wavela engumoya noma ngithi ulokhu evela emaphupheni ami
, ngesinye isikhathi emini mangihamba uvele ngimbone enamathele kubantu
abehlukene engizohlangana nabo, lapho ngimbona ngedwa abanye
abamboni.Ngagcina ngayombuza ekhaya kubo ngaficukuthi sewashona.
Kubo bathi angizogeza ukuze bamususe Kimi. Inkinga nganele ngayogeza
wavele wakimi qobo ngihamba naye yonkindawo.Sengifisa ukwazi ukuthi
angasuseka yini Kimi noma kungalunga ngivele ngocela Kubo ( Bamulobolele
ngishade naye ngokugcwele?
Iyenziwa yini leyonto
Odidekile

#Jabulu Jule - Andile KaMajola - 02 October 2026
11:01

#Jabulu Jule - Ikhaya Lamaciko no Siyabonga Mpungose (R40 000) - 30 September 2026
16:00

#Jabulu Jule - Ingono yoMsamu no VVO - 30 September 2026
20:23