JabulujuleJabulujule

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 21 May 2024

View descriptionShare

Ngibingelele Mam Khoza nakumndeni womsakazo
UKHOZIFM,ngingumlaleli wohlelo uJabulujule kanti nginokuzwa abantu bengena
lapha kwi tea time abanye besizakala bethola ukucushiswa, nami ngibone kufanele
ukuthi ngizame ngikhulume ngenkinga engibhekane nayo emshadweni wami hlezi
kukhona osesimeni esinjenge sami kuyimanje noma osewadlula kusona.
Ngizocela ukungazisho igama kodwa ngingowesifazane, ngise Bergville
ngokuhlala, shuthi ngigane ngonyaka ka 2020, nginengane engayithola ngaphandle
ngingakagani manje angazi noma lokhu kuba nomthelela ongemuhle yini
ebudlelwalneni bethu noGogo. umyeni wami usebenza njengo Thisha kanti uhlala
kubo Mah wakhe, uMama omzalayo wadlula emhlabeni.
Sihlala nogogo zala ave engangifuni ungafunga ukuthi umnakwethu inkosi impela,
ngendlela enza ngayo kwesinye isikhathi akasikhulumisi nhlobo, yebo Mam Lady-
D wonke umuntu unaso leso sikhathi kube ngathi ungangakhulumi kodwa uGogo
unamagama aziswana awakhipha ngomlomo, wenza ngathi sigane umyeni oyedwa
kanti uwumzali kuthina ,umyeni wami uyena osebenza kangcono uthisha angazi
noma ngibangiswa yena yini ukuthi uhola kangcono ngoba abanye bakhona
bayatohoza kodwa wamukela noma yini abayenzayo kodwa kulo wami uze afune
nokubona ama slip e-grocery ngendlela enza ngayo kithi kodwa kwabanye akayenzi
lento ulwa nalona wami.
Mam Lady-D mina njengoba besengishilo nginengane engayithola ngaphandle
nginga, manje ugogo uvele athi “uma waganwa intombazane enengane uhlezi
ungenamali ngoba ithatha imali ibekele ingane yayo” lamazwi awahlali kahle
kumina ngoba umzukulu wakhe angizange ngimfihlele ukuthi nginengane futhi
akazange abonakalise ukuba nenkinga ngalokho , angazi noam kumele ngiyilahlyini ingane yami ngingayinakekekli yini, njengamuphi umzali okumele alahle
ingane yakhe ngenxa yokuthi useganile , ngendlela enza ngayo indlela asephatha
ngayo umyeni wami seyishintshile akasamphathi nje ngalaba abasebaleni enye into
emenzisa loko yingoba ufuna ukuthi lokho ngafika mina shuthi ngabahlukanisa
Kuningi nje Mam Khoza.
Ngiyafisa ukuzwa komunye umlaleli, bakhona abantu abaganile, kukhona
abaneminyaka besemshadweni, labo abake babhekana nesimo esinjengesami benza
kanjani ukuthi kube nokuthula nokuzwana ekhaya.

 

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

In 1 playlist(s)

Jabulujule

Rural Development, women empowerment, crime awareness, health and lifestyle are what characterize Ja 
Social links
Recent clips
Browse 2,149 clip(s)