Ngithi angibingelele kuwena Mam Lady-D nakumlaleli woKHOZI FM, angithokoze ukuthola ithuba
ngiyethemba ukuthi niyaphila. Mama Lady-D bengicela ukuboniswa last year ngitholane nomunye
usisi sathandana and kuyimanje siyathandana nje kumnandi, kodwa inkinga enkulu esibhekene
nayo , udadewabo umuntu wami lona , hayi kunezinto aseqale ukuzenza kithi izenzo zakhe zifuna
ukubhidliza umuzi esiwakhayo angazi noma simfake nkakhulu yini ezindabeni zethu.
1. Okokuqala Uthena Kimi ucela ngibeke Imali yamalobolo Uma ngimthanda ngempela Sisi wakhe
sengitshelwa uyena manje ukuthi angenze kanjani nini futhi, December last ngafaka R29500
kusithandwa Sami for izinkomo samazisa.
2.Samtshena ukuthi sizoqala ithenge izinto engizozihambisa Kubo, ezinjenge(izibizo, umembeso, ibhodwe+ijazi, isikhwehlela and umcelo) wathi akweziwa Kubo lokho.
3.Wathi angiqale ngibheke Imali yezibizo kuqala before sithenge, February ngafaka R20500
kumuntu wami ngalapho samazisa, kodwa kuloyomnyama usezama ukusixabanisa kuyimanje
amakhanda wethu adidekile ngalendlela yokuthi Sisi wakhe secabanga ukuthi unomona and
uyangifuna eish kuningi nje akwenzayo kuyimanje akasangikhulumisi angazi ngimezeni.Bengicela
ningisize naku kuzokonakala.

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilolonde no Dr Nomcembo Mthembu - Sikhuluma ngesifo samathambo iArthritis
01:03

#Jabulujule - Notha Ujule ngezamabhizinisi - Sikhuluma ngamalungelo omuntu onguso mabhizinisi. Wenza kanjani ukuthi uwabhekelela kanjani amakhasimende akho
18:37

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 16 March 2026
13:52