JabulujuleJabulujule

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 14 August

View descriptionShare
 

Ngibingelele oKhozini ngicela ukungavezwa mina ngingo wesifazane
oneminyaka engu 28 nginenkinga yokuthi ngo 2017 ngathandana nendoda eshadile kuthe ngonyaka lo
ophelile ngakhathala ukuba ikhwapha ngase ngiyamcela ukuthi angishade angenze unkosikazi wesibili
wavele wanqaba wathi akamdingi omunye umfazi okwaba yinto eyangidina kakhulu ngoba ngazizwa
njengomuntu abesemsebenzisa nje kuphela kodwa lutho izinhloso ngami
Ngasuka ngaya kwi nyanga thizeni eyanginika imithi ukuthi ngiyisebenzise endodeni nami impela
ngawusebenzisa indoda yaxabana nomkayo baze bahlukana wase ke ejola nami ngokuphelele kodwa
inkinga ke manje ukuthi selokhu ngamsebenzisela lo muthi akasafani njengasekuqaleni mina nje
akangiphethe ngendlela ayephethe ngayo uMkakhe
Emshadweni wakhe ubengu muntu oyikhiphayo imali emfazini wakhe, emkhipha njalo waze
wamthengela ngisho imoto kodwa kumina angiluboni nhlobo lolo thando
Kumina lomuntu unolaka neskhwele usenakho nokungibeka isandla okuyinto angakaze ayenze kumina
ngathi uma ngikhuluma nayo inyanga le eyanginika le mithi yasho ukuthi ingangisiza siyikhiphe lento
esamfaka yona kodwa ngiyasaba ukuthi uma simkhipha lento uthando lomkakhe luzobuya mase
belungisa izinto kanti mina ngisamthanda angazi ukuthi ngingamu lungisa kanjani ngaphandle kokuthi
angilahlekele
Ngicela ningisize ngezeluleko

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

In 1 playlist(s)

Jabulujule

Rural Development, women empowerment, crime awareness, health and lifestyle are what characterize Ja 
Social links
Recent clips
Browse 2,201 clip(s)