Ngiyabingelela Mam Dudu Khoza nethimba lonke laJabulujule.Ngibhala nje la kwehla izinyembezi ngidunyelwa ikhanda umuntu uhlale ecabanga ubsku nemini ukuth engab isimo soshintsha mhla kunini. Ngicel ungimemel abaholi bezemfundo baseKZN ukuthi bezochaza kahle ukuthi kungani kanti benga-siqashi? Zonke izifundazwe zihlalale ziwakhipha ama post isonto nesonto koda lutho leli lakithi kungani? Kuye kuthi noma umuntu ebona amapost akwezinye izifundazwe a nga-apply inhliziyo yophe kakhulu ngoba kusuke kuyi hand delivery iningi lamapost kulezo zifundazwe. Pho-ke umuntu ngisho kuthiwa uyathanda futh uya qualifaya kulezo zifundo inkinga iba semalini phela sihleli emakhaya asisebenz sihlola u R350 oya ezishebweni zasekhaya uphele ekubeni sineziqu. Ka-Education akukho ma-Learnerships & Internships okwenza kube nzima kakhulu ekubeni namasenti nespiliyoni ngoba phela iyona Kanye into esizayo ukuze akwaz umuntu ukubeka okuncane ebhange meliphela lelo toho ebese umuntu athathe loyo Mali ayo hand deliver ngayo ke kulawoma applications. Umbuzo engihlala ngizibuza wona ukuthi kungan ingavalwa iTeaching ezikhungweni zemfundo ephakeme zala KZN uma kuwukuthi amathuba emsebenzi awekho na? Abaholi Bala bazimisele ngani ngathi? sigugela emakhaya phela manje mina nje ngibheke ikhaya ngina 26 abomndeni bashona bonke ngeke kubuhlung bandla. Yimina ozithobayo Ongathandi ukudalulwa igama

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko -Siyabonga Mpungose uhamba namaciko amabili okungo Phakamile Khumalo kanye no Okuhle Sithole abaphuma e Arthur Blaxall School for Blind
26:24

#Jabulujule - Ezeshashalazi nomabonakude 13 February 2026
02:15

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize
09:57