Ngibingelele Mam Lady-D kanye ne thimba lakho,
ngingumlalel wokhozi FM... ngicela ukungadalulwa igama ..ngino Baba wengane
sisebancane sobabile ngina 20 iminyaka no mntwana wethu usemncane, mina Ma
Khoza ngaqala ukudla imishanguzo yesandulela ngculaza from ngisazalwa kodwa
kusukela siqala ukuthandana kwami naye azange ngimtshele ukuthi ngidla
imishanguzo ngoba bengingazi nokut singagcina siba nengane nokuthi uzimisele yini
ngami nganingakaboni lutho, namanje ngisamfihlele, kodwa manje lento iyangidla
angazi ngizomtshela kanjani ngoba sixabana njalo sibanga nento engekho manje
ngiyasaba angazi ngizomtshela kanjani ... Kodwa ngibona sengathi uyangithanda
kodwa ukumtshela angazi ngizomtshela kanjani ngicela owake waba nenkinga
enjengalena angisize angicebise , ngiyazi angingedwa baningi abantu abangakaze
babatshela ophathina babo ukuthi badla imishanguzo yesandulela
ngculazi..Ngiyazibuza kulabo abaphumela obala babatshela, bona benza kanjani ..
ngiyabonga Mam Khzoa nakumallei woKHOZI FM.

#Jabulu Jule - King Coward - Sikhuluma ngabantu abanomona - 27 July 2026
09:58

#Jabulu Jule - Notha uJule ngezomthetho namabhizinisi no Mpumelelo Zikalala - 27 July 2026
12:37

#Jabulu Jule - Ncipha Bugebengu (Impilo inzima ngicelusizo kudingeka ama DNA) - 27 July 2026
34:40