JabulujuleJabulujule

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 10 November 2025

View descriptionShare
 

Ngiyabingelela Mam Dudu ngibingelele nakumlaleli woKHOZI FM.Udaba lwethu luthanda ukuba lude futhi lunzima, uma kufika lesikhathi sika December okuyisona sikhathi somndeni, uma ngicabanga udaba lomndeni kuvele kuvuka ubuhlungu kumina kakhulu. Lude loludaba Mam KHOZA kodwa ngizokha phezulu, ngonyaka odlule kwadlula umfowethu ngendlela esingayiqondi, asazanga imbangela yokufa kwakhe ngoba lona owayesesibhedlela naye okungu mamncane wethu akakhulumanga noam asinikeze ingcazelo noma umbiko oqondile kuningi abekusho.

 

Inkinga ebinzima kakhulu ngomfowethu ubengenayo ifuneral cover , okwaphoqa ukuthi kwenziwe izikweletu kuhlanganiswe ukuze simfihle. Emva komgcwabo sibese sesithola ukuthi umamncane yena ube mkhavile futhi wazithola izimali ngokushona kwakhe thina asazi cisho ishumi kuleyo mali.Ngiyacabanga ukuthi lokhu kuzoba yisifundo nakwabanye abantu abasha, ukuthi uam uqala ukusebenza ungacabangi ukuthi ukufa okwabantu asebekhulile ngoba impilo asiyazi iyosibeka phi, kubalulekile ukuna ne funeral cover noma incane kangakanani imali oyikhokhayo. Lokhu kusiza labo abasele ngemuva ukuthi bangabi nenkinga yokuthi uzofihlwa ngani.Ngiyacela ukuthi abalaleli beseluleke ngokuthi makungenzeka kuzamwe indlela umama angasizakala ngayo, noma ngabe athole ukwelulekwa ngokomqondo, uma mhlampe angezwa wena Mam Khoza umbonise ukuthi impilo ayipheli lapho, usengaphila ,ngingajabula kakhulu Mam Khoza uma ungangikhulumela naye umama akukho okutheni ,abanye abantu bafisa nje ukukhuluma nawe Mam Khoza ngoba ubanikeza ithemba ngempilo

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

In 1 playlist(s)

Jabulujule

Rural Development, women empowerment, crime awareness, health and lifestyle are what characterize Ja 
Social links
Recent clips
Browse 2,201 clip(s)