Sawubona mamkhoza ngicela ungifihle nginenkinga
Lana ngihlushwa umntwana, ingane yomfana enenminyaka ewu 15,
uyaganga kakhulu ungenelwe ubugebengu utshotsha imali angene emzini
yabantu ayiboleka, kuningi mam Dudu akwenzayo, uganga kakhulu
amaphoyisa athi ( he is under age) udinga ama (social worker) if ngiyakuwo
awangisizi nawo. Ngihlukumezekile kakhulu emoyeni ngisanda kwedlulelwa
umama ongizalayo ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kwathiwa une depression
nayo edalwe nguye lomntwana ethatha imali kamama, even nase bank
uthatha imali ayitransfere, Umama washawa istroke ne depression wadlula
emhlabeni,manje uhlukumeza wonke umuntu even ekhaya angisazi manje
sengifisa ngisho ukufa makunje angisazi ngenze njani ngisizeni, ngidinga
ningicebise ukuthi ngenze njani makunje.
Lommntwana uno 15yrs amaphoyisa awangisizi ngicela usizo noma Ilana
okugcinwa khona abantwana abangezwa please manje nami angikho safety
lana engikhona kufika umphakathi uzomfuna ngilele ebusuku angisazi manje
ngenze njani. Ngicela ningisize ngingenza njani uma kunje ngoba lomuntu
usazokhula manje ngiyabuka kusaya phambili nalomkhuba.
Anonymous.

#Jabulu Jule - King Coward - Sikhuluma ngabantu abanomona - 27 July 2026
09:58

#Jabulu Jule - Notha uJule ngezomthetho namabhizinisi no Mpumelelo Zikalala - 27 July 2026
12:37

#Jabulu Jule - Ncipha Bugebengu (Impilo inzima ngicelusizo kudingeka ama DNA) - 27 July 2026
34:40