JabulujuleJabulujule

#Jabulujule - Tea Time 24 June 2024

View descriptionShare

Ngibingelele Mam Lady-D nethimba lakho, ngithe angedlulile nami
okusenhlizweni yami, ngiyazi baningi abahlezi bebhalela kuloluhlelo le Tea time, angazi nokuthi
ngiqalephi , inhliziyo ibuhlungu ngoba sengingenil Phakathi kukhona okuyizimpawu kpdwa angizange
ngizinake.
Mam Khoza, ngisebudlelwaneni futhi sishadile ngokwaka (home Affairs) ulobolile waqeda then
wambesa, then sayobhala, angazi noma ukuvaleka amehlo uthando yini.
Siqale ukuzwana ngonyaka ka 2012 uze walobola ngonyaka ka 2021, bese wambesa ngonyaka ka
2022. Abukho ubudlelwane obuhlezi buhamba kahle kuba khona ukungaboni ngaso linye noma lezo
zinkinga obonanyo ningakwazi ukubhekana nazo kodwa kukhona okunye obonayo ukuthi kuyagqilaza
ngoba uzitshela ukuthi ngokuhamba kwesikhathi kuzoshintsha…
Ngingumuntu okwaziyo ukubekezela noam ngabe sekukubi angithandi kuthiwa ngishintsha
amadoda.Sinezingane ezimbili, siyasebenza sobabili kodwa ngokwezimali mina uyazi ukuthi ngithola
kangconywana ngavezela ngoba umsebenzi ngawuthola ngenx ayakhe, uyena owabona isikhangiso
somsebenzi wangikhutahza ukuthi angifake isiscelo , ngemepla ngafaka ngabizwa ngagcian
ngitahthiwe.
Inkinga manje ukuthi useyangiyekelela angazi noam ngifela lesi khathi bengikade ngingasebenzi yini,
ngoba kunezinto aziyeka ngamabomu anagzikhokhela ngikhokhe iziznyanga zize zilandelane athule
noma uma egodukile akayifaki imali kwi akhawunti esifaka kuyona ukuze sikhokhele izidingo
zalapaha ekhaya.
Lento seyenzeke isiskhathi eside angazi ngibhekane nayo kanjani ngoba nginezingane, sinomuzi, mina kuthi kupehla inyanga angisenayo imali ngoba ikhokhela zonek izinto zasendlini, angikwazi ukusebnza
kodwa kube ngathi ngisebenzela izikweletu, kumele ngimncenge ukuthi enze izimfanelo zakhe
njengendoda yomuzi, kumele ngimncenge ukuze angiphe imali, njengesithandwa sakho ukubonakalis
aukuthi uyalibona iphutha lakho kuyenzeka uvale ihlazo noma kungemali ka petrol kodwa yena lutho.
Ngithi ngibhale nje Mam Khoza, mhlampe bakhona abakulesimo engikusona, ngiyazi ukuthi isinqumo
silele kumina, ngithi ngikhiphe okusesifubeni sami. Sengiyabona ukuthi ngathi sengizoyehla lenqola,
sengicabangela izingane zami, udaba lokuthi zikhule abazali bengekho endaweni eyodwa kuba
nomthelela omubi kodwa angikwazi ukufa ngiphila ngibualwa yisimo engakwazi ukuzihlangula
kusoona, kubuhlungu ukuhlukunyezwa “financially “ okubuhlungu kakhulu umuntu engithi uyithemba lami.

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

In 1 playlist(s)

  1. Jabulujule 9 -12

    1,589 clip(s)

Jabulujule

Rural Development, women empowerment, crime awareness, health and lifestyle are what characterize Ja 
Social links
Recent clips
Browse 1,593 clip(s)