EbukhoneniEbukhoneni

#EBUKHONENI - LAMATHAMBO ESENGAPHILA noMnu MOSES TEMBE (15 JUNE)

View descriptionShare

Namhlanje Sikhuluma no Mnumzane Moses Tembe okhulele elokishini laseMlazi eThekwini, onespiliyoni esingaphezu kweminyaka engamashumi amabili edlondlobala emkhakheni wamabhizinisi, useke wahlala kuma board ezinkampani eziphezulu ezehlukene.

Useke waba uMongameli we Durban Chamber of Commerce and Industry waphinde waba iphini
likaSihlalo we Kwazulu Natal business initiative. Inkampani yakhe i Sizekhaya Holdings ayengamele nosomabhizinisi u Sandile Zungu isanda kuqokwa ukwengamela I lotto.

Sixoxa ngobudlelwane bakhe noNkulunkulu, ukuba uBaba, ukubhekana nezingqinamba zokuphila kanye namabhizini.

Background scripture: Isigodi samathambo omileyo Hezekeli 37
1 Isandla sikaJehova sasiphezu kwami, sangikhipha ngoMoya kaJehova, sangibeka phakathi kwesigodi; sasigcwele amathambo.
2 Wangidlulisa kuwo, ngawazungeza; bheka, ayemaningi kakhulu ebusweni besigodi, futhi bheka, ayomile kakhulu.
3 Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa mathambo angaphila na?” Ngathi: “Nkosi Jehova, wena uyazi.”
4 Wayesethi kimi: “Profetha ngala mathambo, uthi kuwo: ‘Lalela izwi likaJehova, mathambo omileyo.
5 Nansi into ayishoyo uJehova uNkulunkulu kula mathambo: Bheka, ngizakungenisa kini umoya, niphile.
6 Ngizakubeka imisipha phezu kwenu, nginifake inyama, nginivalele ngolusu, ngifake umoya kini, niphile; nizokwazi ukuthi nginguJehova.’”
7 Ngase ngiprofetha njengokuyalelwa kwami; kwathi ngisaprofetha, kwaba nomsindo, bheka, kwaba nokunyakaza, amathambo ahlangana, ithambo
nethambo lalo.
8 Ngase ngibona, bheka, imisipha yavele phezu kwawo, inyama yakhula, ulusu lwawumboza phezulu; kepha kwakungekho moya kuwo.
9 Wayesethi kimi: “Profetha ngomoya, profetha, ndodana yomuntu, uthi emoyeni: ‘Nansi into ayishoyo uJehova uNkulunkulu: Woza, moya, usuke
emimoyeni emine, uphephezele kula bantu ababuleweyo, baphile.’”
10 Ngase ngiprofetha njengokuyalelwa kwami, umoya wangena kubo, baphila, bema ngezinyawo zabo, ibutho elikhulu kakhulu.
11 Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa mathambo angumphakathi ka-Israyeli. Bheka, bathi: ‘Amathambo ethu omile, ithemba lethu liphelile,
sesinqunyiwe.’
12 Ngenxa yalokho profetha, uthi kubo: ‘Nansi into ayishoyo uJehova uNkulunkulu: Bheka, ngizokuvula imingcwabo yenu, nginikhuphule emingcwabeni
yenu, nina bantu bami, nginilethe ezweni lakwa-Israyeli.
13 Nizokwazi ukuthi nginguJehova, lapho ngizokuvula imingcwabo yenu, nginikhuphule emingcwabeni yenu, nina bantu bami.
14 Ngizakufaka umoya wami kini, niphile, ngizinibeke ezweni lenu; nizokwazi ukuthi mina Jehova ngikhulumile, ngakwenza,’ usho uJehova.”

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

In 1 playlist(s)

Ebukhoneni

Ebukhoneni is a soul uplifting gospel show that brings a blend of prayer, preaching, testimonies, so 
Social links
Recent clips
Browse 117 clip(s)