#EBUKHONENI - LAMATHAMBO ASENGAPHILA noDR THANDI NGXONGO (10 AUG)

 

Namhlanje sixoxa no Dr Thandi Ngxongo ongumnikazi we BP garage ku Moore Road eThekwini ukuzosilandisa ukuthi ungene kanjani emkhakheni ogcwele abantu besilisa, usuke kwi corporate wangena khaxa emabhizinisini.

U Dr uneziqu ze Chemical Engineering osefunde wagogoda waba nguDokotela ngeziqu ze MBA cum laude enyuvesi yase UKZN.

Useke wahlabana ngezindondo kwi Standard bank KZN Top Business insipiring women nakwi Nedbank Womandla Awards kwi catergory ye Women in engineering. 

UThandi wathola indondo kuma SHE Global Awards eDubai kumkhakha wabesifazane abasemabhizinisini. Namhlanje sizoba nengxoxo ekhethekile eveza izingqinamba ahlangabezane nazo, okuhle nobubi bebhizinisi.

 

Background scripture: Isigodi samathambo omileyo Hezekeli 37
1 Isandla sikaJehova sasiphezu kwami, sangikhipha ngoMoya kaJehova, sangibeka phakathi kwesigodi; sasigcwele amathambo.
2 Wangidlulisa kuwo, ngawazungeza; bheka, ayemaningi kakhulu ebusweni besigodi, futhi bheka, ayomile kakhulu.
3 Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa mathambo angaphila na?”
Ngathi: “Nkosi Jehova, wena uyazi.”
4 Wayesethi kimi: “Profetha ngala mathambo, uthi kuwo: ‘Lalela izwi likaJehova, mathambo omileyo.
5 Nansi into ayishoyo uJehova uNkulunkulu kula mathambo: Bheka, ngizakungenisa kini umoya, niphile.
6 Ngizakubeka imisipha phezu kwenu, nginifake inyama, nginivalele ngolusu, ngifake umoya kini, niphile; nizokwazi ukuthi nginguJehova.’”
7 Ngase ngiprofetha njengokuyalelwa kwami; kwathi ngisaprofetha, kwaba nomsindo, bheka, kwaba nokunyakaza, amathambo ahlangana, ithambo
nethambo lalo.

8 Ngase ngibona, bheka, imisipha yavele phezu kwawo, inyama yakhula, ulusu lwawumboza phezulu; kepha kwakungekho moya kuwo.
9 Wayesethi kimi: “Profetha ngomoya, profetha, ndodana yomuntu, uthi emoyeni: ‘Nansi into ayishoyo uJehova uNkulunkulu: Woza, moya, usuke emimoyeni emine, uphephezele kula bantu ababuleweyo, baphile.’”
10 Ngase ngiprofetha njengokuyalelwa kwami, umoya wangena kubo, baphila, bema ngezinyawo zabo, ibutho elikhulu kakhulu.
11 Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa mathambo angumphakathi ka-Israyeli. Bheka, bathi: ‘Amathambo ethu omile, ithemba lethu liphelile, sesinqunyiwe.’
12 Ngenxa yalokho profetha, uthi kubo: ‘Nansi into ayishoyo uJehova uNkulunkulu: Bheka, ngizokuvula imingcwabo yenu, nginikhuphule emingcwabeni yenu, nina bantu bami, nginilethe ezweni lakwa-Israyeli.
13 Nizokwazi ukuthi nginguJehova, lapho ngizokuvula imingcwabo yenu, nginikhuphule emingcwabeni yenu, nina bantu bami.
14 Ngizakufaka umoya wami kini, niphile, ngizinibeke ezweni lenu; nizokwazi ukuthi mina Jehova ngikhulumile, ngakwenza,’ usho uJehova.” Namhlanje sibheka impilo ka Nqobile Mkhize owahlangana nomyeni wakhe enkonzweni bashada ecabanga ukuthi kuzoba mnandi
emshadweni kanti uzozithola ehlukumezeka ngendlela exakile. Ngesikhathi ekhulelwe nengane yakhe ayikhulisa ineminyaka ewu
14 nayo yayizithwele kuyingane yomyeni wakhe. Uzosilandisa kabanzi ukuthi uNkulunkulu wamthwala kanjani kulesimo esasifanele aphithanelwe ikhanda.