EbukhoneniEbukhoneni

#EBUKHONENI - LAMATHAMBO ASENGAPHILA no-Mnu LINDA ZULU (07 SEPT)

View descriptionShare

Namhlanje sixoxa Linda Zulu owayengumsakazi enekusasa eliqhakazile kodwa wahlaselwa umoya wezidakamizwa kwaze kwaphela umsebenzi, wahlala emgaqweni yase Thekwini nase Pinetown. Emva kokwamukela ujesu, impilo yakhe ihlanganile waze waxhumana nezingane zakhe azishiya zisencane, enye yazo ingakazalwa. Namhlanje ungubaba onothando ezinganeni zakhe.

Background scripture: Isigodi samathambo omileyo Hezekeli 37
1 Isandla sikaJehova sasiphezu kwami, sangikhipha ngoMoya kaJehova, sangibeka phakathi kwesigodi; sasigcwele amathambo.
2 Wangidlulisa kuwo, ngawazungeza; bheka, ayemaningi kakhulu ebusweni besigodi, futhi bheka, ayomile kakhulu.
3 Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa mathambo angaphila na?”
Ngathi: “Nkosi Jehova, wena uyazi.”
4 Wayesethi kimi: “Profetha ngala mathambo, uthi kuwo: ‘Lalela izwi likaJehova, mathambo omileyo.
5 Nansi into ayishoyo uJehova uNkulunkulu kula mathambo: Bheka, ngizakungenisa kini umoya, niphile.
6 Ngizakubeka imisipha phezu kwenu, nginifake inyama, nginivalele ngolusu, ngifake umoya kini, niphile; nizokwazi ukuthi nginguJehova.’”
7 Ngase ngiprofetha njengokuyalelwa kwami; kwathi ngisaprofetha, kwaba nomsindo, bheka, kwaba nokunyakaza, amathambo ahlangana, ithambo nethambo lalo.
8 Ngase ngibona, bheka, imisipha yavele phezu kwawo, inyama yakhula, ulusu lwawumboza phezulu; kepha kwakungekho moya kuwo.
9 Wayesethi kimi: “Profetha ngomoya, profetha, ndodana yomuntu, uthi emoyeni: ‘Nansi into ayishoyo uJehova uNkulunkulu: Woza, moya, usuke emimoyeni emine, uphephezele kula bantu ababuleweyo, baphile.’”
10 Ngase ngiprofetha njengokuyalelwa kwami, umoya wangena kubo, baphila, bema ngezinyawo zabo, ibutho elikhulu kakhulu.
11 Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa mathambo angumphakathi ka-Israyeli. Bheka, bathi: ‘Amathambo ethu omile, ithemba lethu liphelile, sesinqunyiwe.’
12 Ngenxa yalokho profetha, uthi kubo: ‘Nansi into ayishoyo uJehova uNkulunkulu: Bheka, ngizokuvula imingcwabo yenu, nginikhuphule emingcwabeni yenu, nina bantu bami, nginilethe ezweni lakwa-Israyeli.
13 Nizokwazi ukuthi nginguJehova, lapho ngizokuvula imingcwabo yenu, nginikhuphule emingcwabeni yenu, nina bantu bami.
14 Ngizakufaka umoya wami kini, niphile, ngizinibeke ezweni lenu; nizokwazi ukuthi mina Jehova ngikhulumile, ngakwenza,’ usho uJehova.” Namhlanje sibheka impilo ka Nqobile Mkhize owahlangana nomyeni wakhe enkonzweni bashada ecabanga ukuthi kuzoba mnandi emshadweni kanti uzozithola ehlukumezeka ngendlela exakile. Ngesikhathi ekhulelwe nengane yakhe ayikhulisa ineminyaka ewu
14 nayo yayizithwele kuyingane yomyeni wakhe. Uzosilandisa kabanzi ukuthi uNkulunkulu wamthwala kanjani kulesimo esasifanele aphithanelwe ikhanda.

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

In 1 playlist(s)

Ebukhoneni

Ebukhoneni is a soul uplifting gospel show that brings a blend of prayer, preaching, testimonies, so 
Social links
Recent clips
Browse 113 clip(s)