Sikhuluma ngazo zonke izinto ezithinta ubuhle bomuntu omnyama- Black Is Beautiful.
Today: Ngesonto elidlule Siqala uchungechunge lwezingxoxo zethu ngezinwele zomuntu omnyama. Sakucela mlaleli usazise ngenkinga onayo kusukela ebunganeni bakho nasebudaleni bakho ngonwele lwakho?
Siyazi ukuthi ziningi izinkinga ezibhekene nabantu abamnyama ngezinwele zabo, ingabe abesifazane noma abesilisa. Eziningi sezize sazamukela sathi ufuzo okungesilona iqiniso eliphelele.
Sibuyile kulelisonto neProffessional yezinwele, ekufundele ukunakekela nokwelapha izinwele ngokwezinkinga zazo. Sizodlala amaVN angesonto elidlule esiphendule ungoti wethu uMnu. Zimele Gasa ongumphathi weGZ Salon eThekwini

Business 101 - sikhuluma no Sizwe Khanyile usomabhizinisi onenkampani emkhakheni wezokuqapha iMzungezwa Security
23:05

Kubamba ezingelayo - Sikhuluma noMam’Mbongwa we Dorka Career Consulting osize abantu abasha abaningi kulengosi esipha amathuba omsebenzi
16:02

KUBAMBA EZINGELAYO - Amathuba emisebenzi (30 KuNdasa 2026)
06:33