Uma intsha izwa igama elithi ezolimo, ivamise ukucabanga ngokulima nokufuya kuphela. Kodwa-ke, lemboni inkulu kakhulu kunokutshala nokuvuna. Kunochungechunge olubanzi lwamathuba oluhlanganisa ezokuthutha, ukucubungula ukudla, ubuchwepheshe, ukumaketha, ezokuxhasa ngezimali kanye nokuthengiswa kwemikhiqizo.
Njengoba izwe lethu liqhubeka nokubhekana nenselelo yokungasebenzi kwentsha, namhlanje sibheka ukuthi yiziphi izikhala namathuba intsha engangena kuwo ngaphakathi kochungechunge lwenzuzo kwezolimo. Lokhu sihlaziyelwa uNdumiso Gule, umnini weGule Agri Consulting.

Ingxoxo noNtencane
22:19

Ingxoxo noKhuzani Mpungose
22:08

Intsha Kwimboni Yezolimo | Umphako Wemvelo
10:15