Dankie 1223Dankie 1223

DANKIE1223 - KWANDABA ZABANTU (28 NOV)

View descriptionShare

Dankie 1223

Dankie 1223
952 clip(s)
Loading playlist

Kuyiqiniso esingeke salibalekela ukuthi bambalwa abantu abathanda noma abafisa ukukhuluphala ngendlela ebenza bengazithembi ngesisindo sabo noma bezizwe benethezekile emzimbeni yabo.

Ucwaningo luze lukhombise ukuthi iningi labantu besifazane baphila izimpilo zabo zonke bezama ukulwa noma uku-bhalansa isisindo semizimba yabo. Bona bathinteka kakhulu ngenxa yokushintsha kwemizimba yabo ngezizathu ezahlukene.

Uma kuke kwafika iDiet entsha, yaziwa abantu besifazane, uma kukhona umshini noma uCream omusha onciphisa isisu, kwaziwa abantu besifazane, uma kukhona amaphili noma umjovo omusha wokuncipha, kwaziwa abantu besifazane! Kuyimanje babhizi bakhulisa izibalo ze- Ozempic, okungamaphilisi okuncipha kepha atholakala ngoDokotela kuphela.

Ukukhula kwalezibalo zabantu abafuna lamaphilisi ukuze benciphe sekuyakhathaza uma kuphawaula umnyango wezempilo eNingizimu Africa. Lokufuneka kwalamaphilisi sekuze kwakha ‘iBlack Market” okuchaze ukuthi, sekwakhekhe enye indlela engekho emthethweni yokuthi kutholakale lamaphilisi. Eminye imibiko ithi inani selifike ku-R25
000 ukutholakala kwalamaphilisi okuncipha, ngezindlela ezingekho emthethweni.

Sizokhuluma noDr. Malungi Memela ngamalaphilisi, nobungozi angase ebe nawo kumuntu owathathayo. Kuwena mlaleli sicela usazise uma wazi ngalamphilisi, noma uma wake wasebenzisa indlela ethusayo ukulwa nesisindo somzimba wakho.

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

In 1 playlist(s)

  1. Dankie 1223

    952 clip(s)

Dankie 1223

Dankie 1223
Social links
Recent clips
Browse 970 clip(s)