Dankie 1223Dankie 1223

DANKIE1223 - INJOBO ITHUNGELWA EBANDLA 20 MAY 2024

View descriptionShare

Dankie 1223

Dankie 1223
673 clip(s)
Loading playlist

King Sfiso, Zim Dollar, sanibonani ngane zakwethu, asethemba nisaphila, uNkulunkulu emuhle njalo, nathi usasigcinile.

Ake ngithathe lelithuba nami ngilobe lencwadi ngemizwa yami njengendoda. Sibonge kubaphathi beNjobo Ethungelwa Ebandla.

Yazi ngike ngihleke uma kuthiwa abantu besifazane abathandi ukudalula iminyaka yabo ngoba basaba ukuthi kuzothiwa sebegugile noma sebekhulile. Yazi lenkinga akusiyo eyabantu besimame kuphela, nami ngiyindonda ngiyasaba ukukhuluma ngeminyaka yami ngoba ngisaba ukuthi abantu bazongibuka ngendlela eyehlukile.

Isakhiwo sami somzimba singaba- right sona, kodwa uma umuntu eseyazi iminyaka yakho esebabaza ukukhula kwakho, lokho kuvele kuthi xhifi enhlizweni yakho ngoba kukukhumbuza kona ukuthi awuselona ibhungu.

Ukwaziwa kweminyaka yakho kufika nengcindezi uma ungumuntu wesilisa. Abantu bakubuza ukuthi kungani ungakashadelwa ngoba usukuleso sigaba. Bekutshele
ukuthi kumele ngabe usunguMnumzane womuzi manje, uhleli nonkosikazi wakho nezingane. Iqiniso lithi, akusilungeli sonke ngesikhathi esifanayo.

Ukwaziwa kweminyaka yakho njengendoda kwenza abantu bebe nemibono ngempilo yakho yize bengazazi izinqinamba obhekene nazo empilweni yakho.

Ngisho ushela, abantu sebekutshela ukuthi umdala kabi ukuthandana nomuntu omncane kanje, ngize ngiyehlise iminyaka kokunye uma ngishela ukuze usisi engeke
ethuke ebaleke.

Omunye waze wathola iminyaka yami yangempela sesithandane unyaka wonke. Wathuka ukuthi kanti ngimshiya ngo17 years wonke. Wathatha isinqumo sokuthi sihlukane ngenxa yamanga ami neminyaka.

Angazi noma imina ngedwa yini onenkinga ngokudalula iminyaka yakhe ngezizathu esengizibalile. Mhlampe amanye amadoda anezinye izizathu, asikhulume
bafwethu, sibe neqiniso futhi.

Ukuhamba kweminyaka akuthusi abantu besimame bodwa.

Obhalile: Lungisani Dube eVosloorus.

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

In 1 playlist(s)

  1. Dankie 1223

    673 clip(s)

Dankie 1223

Dankie 1223
Social links
Recent clips
Browse 687 clip(s)