Kule- festive sishaya ikhwela lokugqugquzela abaphathi bemicimbi ukuthi beqashe amaciko akhubazekile futhi beqikelele ukuthi imicimbi yabo iyakwazi ukwamukela izihlwele zabantu abakhubazekile. Kumele ucabangele abantu abasebenzisa ama- wheel chair, bazokwazi yini ukungena kumcimbi wakho ngoba nabo bayathanda ukuba ingxenye yemicimbi.
Sikhuluma neciko elikhubazekile uKhazozo sizwe ukuthi kuhamba kanjani kule- festive
ngokumenywa kwimicimbi.