Siyakwamukela kwingosi yethu - Dankie Mculo. Kulengosi sicobelelana ngolwazi ngezomculo eNingizimu Africa naphesheya.
Kungabe ufisa ukungena kuwo lomkhakha wakaqeda isizungu noma ungumlamdeli wawo. Njalo ngolwesihlanu sinoThemba Molongoana oyi-Head of Artist & Repertoire kwa- David Gresham Records.
Sesifikile isikhathi sonyaka sezingoma ezishisayo, futhi esizogcina sizwa ukuthi seziyalwelwa. Sekujwayelekile ukuzwa ukuthi amaciko alwa wodwa noma alwa nama- CMO ngokuthi ubani umnikazi wengoma noma kumele ethole iCut engakanani.
Namhlanje uThemba uzosazisa ukuthi izinto zixazululwa kanjani uma sekubangwa ingoma Phakathi kwe- artist namaCollective Management Organisations. Uzoke eqale esikhumbuze ukuthi kambe yini ama- Collective Management Organisations.
Siyakugqugquzela mlaleli ukuthi uthole ama- Podcast ethu ku- www.ukhozifm.co.za ukuze lonke lolulwazi esesicobelalene ngalo noThemba uluthole, uhlale nalo efonini ukuzikhumbuza.
DANKIE MCULO! PART 2
Themba takes us through 5 songs or albums that dropped today.