#Ezwenisakhile :Sixoxa nabafundi bezikhungo eziphakeme ezahlukene abanganeme ngendlela izicelo zabo eziphethwe ngayo isikhwama esixhasa abafundi i-National Students Financial Aid Scheme. Umfundi wokuqala ophuma eMfolozi College eBhambanana Campus KwaMhlabuyalingana eKZN usola lesikhungo ngokumqiliga ukuthi akhethe ukuhlala ngaphakathi kunokuthi athole imali ye transport. Owesibili ukhala ngokuthi akakayitholi imali yalonyaka, usola ukuthi ingoba kwashintshwa indlela okukhokhwa ngayo. Kanti owokugcina ukhala ngokuthi akazitholi izimpendulo zokuthi yini isicelo sakhe singemukelwanga kulonyaka. Bonke labafundi abathandanga ukuthi kudalulwe amagama abo. Lesi sikhwama sabelwe u-R55.4 billion, nguMgcinimafa onyakenimali u-2025/2026.

#Ezwenisakhile :Sikhuluma no Anonymous owadlwengulwa ilunga lomndeni
15:51

#UkhoziVabs :sikhuluma no Dr Malungi Memela :Kunemibiko ethi ama STI ayabhubhutheka eNingizimu-Africa. Okuthusa wonke umuntu, kuyiqiniso kangakanani lokhu? Oluphi uhlobo legciwane oluhamba phambili njengamanj
10:54

#UkhozifmVabs :sikhuluma no Mbongeni Mdluli owake waboshwa uxwayisa abantu abasha ngobungozi bezidakamizwa
02:38