Sekuqubuke umdonsiswano phakathi kwemenenja yomkhandlu-dolobha wase Msunduzi emisiwe, uMn Lulamile Mapholoba nalomkhandlu dolobha.
Lokhu emva kwezinsolo ezibhekiswe kuyona imenenja yomkhandlu-dolobha okubalwa kuzo ukungawulandeli umthetho, ukungethembeki, ukwenza izinto okubikwa ukuthi bezingagunyaziwe umkhandlu-dolobha kanye nokusebenzisa imali yomkhandlu ngendlela engafanele.