Uhlelo luka R37.8 billion wamarandi lokwakha amagumbi okufundela kanye negumbi lokucwaningela isayensi kwesinye sezikole esihamba phambili emalokishini aKwaZulu-Natali luye lwamiswa izikhawu eziyidlanzana izinhlangano zosomabhizinisi ezifuna ukukhokhelwa u 30 percent wemali yaloluhlelo. Ngenyanga edlule ungqongqoshe wezemisebenzi yomphakathi kuzwelonke, uSihle Zikalala, uthe lokhu sekudle umnotho wakuleli imali engu R68 billion wamarandi ngaphambi kokubheduka kwesifo esiwubhubhane, ukhuvethe. #sabcnews