Umholi weqembu iMK Party ephalamende ujaji John Hlophe, engxoxweni ekhethekile abe nayo ne SABC, uveze ukuthi ukusondelana kwakhe nalo owabe enguMenagmeli wezwe uMnu Jacob Zuma kwamdonsela amazinyo abushelelezi wagcina ekhishwa ekubeni yijaji. Udaba lolu esilubheka kabanzi nomhlaziyi wezepolitiki uSolwazi Bheki Mngomezulu, kanye nokufungiswa kwamalunga eMK Party ephalamende.
Esigabeni sesibili sixhumana nomkhulumeli walo iqembu i MK KwaZulu-Natal uMnu Vincent Mdunge njengoba leliqembu ngaphansi kwesifunda iMoses Mabhida, lizomashela enkantolo yamajaji eMgungundlovu ngoLwesithathu. Lemashi imayelana nezinsolo zenkohlakalo ethi zenziwe abakwa IEC ngesikhathi sokhetho.