Babhekane nengwadla abanye bothisha besikole samabanga aphakeme i Maqhutshana e Bothas Hill, ngaphandle kwedolobha iTheku ngenkathi bethola imiyalezo ebasabisayo.
Labothisha ababizwe ngezincanga bayalelwe ukuthi baphume baphele kulesisikole embhalweni okubikwa ukuthi ubusesangweni lesikole noma babhekane nokuyiswa kwagoqanyawo.
Okhulumela wona umnyango KwaZulu-Natal uMnu Muzi Mahlambi, uthi bakhathazekile ngalesisimo.