OPEN LETTER
Ngenkulu iNhlonipho ngiyakhuleka kwiThimba Ubusuku Obuhle, Umlaleli weSikhondlakhondla uKhozi fm kanye Nawe Njomane.
Ngicela uNgivumele ngibhale le-Ncwadi evuleleke kubobonke abantu Abalalele njengamanje , Ngiyiqondise kumfelokazi.
Kuyini ukuba umfelokazi ngempela. Ngabe kuyifu elimnyama elibhekiswe kubantu besifazane bodwa? Uma ubhekisisa lahle , uMuntu wesifazane kuphela okwazi ukuthwala lelijoka lesinyama, lokuzithiba ezintweni eziningi ezenzeka ezweni lonke njengoba sakhile. Uma ungumuntu wesifazane ziningi izinto ongakwazi ukuthi uzenze ngenxa yokuthi ugane kwasibanibani. Angikwazi ukuthi ngiphume ngiyobhiyoza , ngiphume ngiyovakasha ngenxa yokuthi ngiwuMfelokazi!. Okuningi njengabantu besifazane siyanqandeka ukuthi senze izinto.
Awuke ubheke umuntu wesilisa uma eshonelwe uyakwazi ukuthi aphume ayozijabulisa, uyakwazi ukuqala ubudlelwane obusha kungakapheli ngisho unyaka eshonelwe . Kodwa mina angikwazi ukukwenza lokho ngoba kwashayelwa isipikili sokuthi ngiyacindezelwa wumndeni .
Ngisadidekile ukuthi ukuba Umfelokazi kusho ukuthini, usuke unjani kanti uma ungumfelokazi ngempela.. ngiyafisa ukujabula , ngizizwe ngiwumuntu wesifazane onothando , umuntu wesifazane ozoba namalungelo akhe naye kulelizwe lase Ningizimu Afrika. Kodwa kuphike khona . Ngiyofakwa izingubo ezimnyama kuthiwa angizile, kahle kahle kuzilwelani Njomane? Akusiyona inhliziyo ezilayo? Abanjani abagqokelwa inzilo abanye bengagqokelwa uma beshone? Kungani okomuntu wesilisa luhluke uma eshonelwe, uze egqugquzelwe ukuthi esheshe ethathe.
Kungani abantu besilisa bengafakwanga lenzila esiyifakayo nathi njengaba Felokazi ukuze bezozizwela nabo ukuthi ukubambeka into enjani ngempela.

#Ubusuku Obuhle - Ezaselawini no Dr Nomcebo Mthembu - 19 March 2026
38:49

#Ubusuku Obuhle - Ezemfudo (AmaTVET Colleges neZiqu Zamakhono Omsebenzi) - 19 March 2026
26:30

#Ubusuku Obuhle -Ezemfundo (Studying during school holidays) - 19 March 2026
21:58