Ubusuku ObuhleUbusuku Obuhle

#Ubusuku Obuhle - Open Letter (Imizwa yami ngohulumeni wethu)- 14 October 2024

View descriptionShare

Dear Msakazi,

Ngifisa ukudlulisa imizwa yami ngohulumeni wethu obukeka ethanda kakhulu
abantu besifazane thina madoda engenandaba nathi. Noma sihlukumezekile
ngezinto ezithile asiboni kusukunyelwa phezulu kodwa abantu abaphambili kakhulu
kuye ngabesifazane nezingane.


Lokho kusenza thina madoda sizibone singenalo izwe ngoba akekho osimele
nosikhulumelayo thina madoda. Uma thina sivelelwa izinto ngabe kumele sikhale
kubani uma nohulumeni engasihlangabezi. Ngisho nemigubho yenyanga
yabesfazane neyamadoda ayifani, kuqhakambiswa kakhulu eyabesifazane
eyamadoda inganakwa.


Nathi singamadoda siyadinga ukubona ukuthi uhulumeni wethu usibona sibalulekile
sifanele ukuxhaswa nokumelwa.


Ozithobayo, u Sfiso Msimango Thabizolo eHluhluwe Kwa Mduku

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

In 1 playlist(s)

Ubusuku Obuhle

Ubusuku Obuhle is Ukhozi FM’s flagship talk show. It aims to educate, inform and entertain listeners 
Social links
Recent clips
Browse 1,827 clip(s)