Ubusuku ObuhleUbusuku Obuhle

#Ubusuku Obuhle - Ezaselawini no Doctor Nomcebo Mthembu (Uma ushela intombi wenze njani ? ) - 11 January 2024

View descriptionShare

Uma ushela  intombi wenze  njani ? 

Sibuyile noDr. Nomcebo Mthembu ongumsunguli we- Indoni Cultural Institute, indawo yokulapha iMedilution esebenzisa izindlela zesintu nezaseNtshonalanga ukulapha umuntu.

Ezinye zezinto ezishaya abantu isisoka sokushela. Uthole amadoda egxavuna noma ephansa abesifazane ngoba bethi babatshengisa ukuthi bayabafuna/thanda.

Lokho kugcina kujivaza isithunzi somuntu wesifazane owesilisa ezithole engaqonywa kepha ephoxwa.

Kanti nalonyaka unyaka owaziwa ngokuthi iLeap Year! Lokhu kuchaze ukuthi inyanga kaNhlolanja inezinsuku ezingu- 29 kuno 28 ojwayelekile. Lesimanga senzeka Njalo emuva kweminyaka emine kuphela.

Umkhuba ovamise ukugqugquzelwa kunyaka ofana nalona ukuthi abasefazane banegunya lokuIshelela amadoda uma bezizwa bewathandq. Manje akujwayelekile lokhu kodwa kuyenzeka.


Ukhona uDr. Mthembu ukusicijisa ulimi singabantu besilisa nabesifazane uma sifisa ukushela. Sizophinde sibheke itemu elithi “ghosting” kwazise baningi ababhekane nakho kuloDecember abanye babhekane nakho manje bezitshela ukuthi ababathole ngoDecember kade sebezoqhuba unyaka nabo.

 

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

Ubusuku Obuhle

Ubusuku Obuhle is Ukhozi FM’s flagship talk show. It aims to educate, inform and entertain listeners 
Social links
Recent clips
Browse 1,804 clip(s)