Guest: Dr Mpumelelo Mbatha -Consulting Executive Director - Isikhungo Sesichazamazwi SesiZulu (ISS) (IsiZulu National Lexicography Unit)
•Uma isichazamazwi sesiZulu sichaza igama elithi indoda silichaza sithi: umuntu
wesilisa ongaseyona insizwa kodwa ongakabi yilona ikhehla – ngiyakhala kodwa
ngokuthi kukhona ingxenyana esilele kule ncazelo yendoda – iBhayibheli lithi
uma lichaza igama elithi indoda likufake ukuthi oseganiwe – nami nginaso
isikhalo segama lokuganwa uma kuchazwa indoda – ngokwami sengathithi
ayigcwele kahle incazelo yendoda uma ingenakho ukuganwa – sekungagcina
sekungene nempohlo kule ncazelo uma kungekho ukuganwa – nokungebani
sekungahle kuthuke sekukotela sekubizwa ngendoda uma lingekho igama elithi
ukuganwa – kusuke kungasiniswa amahleza phela uma umuntu ebizwa ngendoda
– nalo leli gama lokuganwa elingena encazelweni yendoda akumele kuthathwe
sengathi sekufeziwe uma kufakwa lona – kuningi okumele kufakelwe izibuko
mayelana nakho ukuganwa lokhu

#Ubusuku Obuhle - Ezemfundo - WORLD CONSUMER RIGHT DAY GUESTS - 10 March 2026
28:39

#Ubusuku Obuhle - Ezemfundo (Kusafanele yini kuqhutshekwe kuqwashiwe ngegciwane lesandulela ngculazi ) - 10 March 2026
21:19

#Ubusuku Obuhle - Sinenhlanhla Chamane ( iyiphi i-process elandelwayo uma kwakhiwa izakhiwo ezinkulu?) -10 March 2026
38:33