sihambe sayofika eMzumbe ukuze sibe nengxoxo ekhethekile no Mnz Musa Mseleku. Ungusomabhizinisi, waziwa kakhulu kumabonakude ngoHlelo Umnakwethu noThando nesithembu, ungumbhali wezincwadi futhi uyisikhulumi esikhuthaza umphakathi. Uhlelo Uthando nesithembu olwaqala ukuvezwa kumabonakude ngomhlaka 19 kuNhlaba (May) 2017, loluhlelo lwaguqula umndeni wakwaMseleku waba ngomunye wemindeni ebukwa kakhulu eNingizimu Afrika. UMseleku wazalelwa endaweni yasemakhaya eMzumbe, Kwa-Madlala KwaZulu-Natal, lapho akhulela khona egxile kakhulu emasikweni nasemkhubeni emihle yesintu. Ungene endimeni kamabonakude kwacaca ngoba izinhlelo azidididyelayo ziba nabalandeli abaningi ngisho ezinkundleni zokuxhumana.

#JabuluJule - Siz’pholele noSaziwayo – Big Zulu -12 June 2026
44:58

Ezeshashalazi - Zama Nande Mngadi - 12 June 2026
05:54

#Sizpholele - Ezeshashalazi - Zama Mngandi - 05 June 2026
06:36