SizipholeleSizipholele

#Sizipolele - Sishay’ndawo no Ncumisa Fandesi - 05 June 2026

View descriptionShare
 

Sishay’ndawo no Ncumisa Fandesi ongumsunguli wekhasi ezinkundleni zokuxhumana I From RSA to the World, ikhasi elibhekelele abantu abathanda ukuvakasha kwezinye izindawo nakwamanye amazwe. U Ncumisa ungomunye wabaholi abahlonishwayo eNingizimu Afrika emkhankasweni wokufundisa abantu ngokuphathwa kwemali, ukuphila ngokongayo kanye nokuthuthukisa imiphakathi. Waziwa kakhulu njengomsunguli weqembu elidume kakhulu ezinkundleni zokuxhumana i-1 Family, 1 Stockpile, elikhuthaza imindeni ukuthi ithenge ngobuhlakani futhi yakhe ukuzimela ngokwezimali. UNcumisa oyintatheli emnkantshubomvu, unedumela lokufundisa abantu ukuphatha imali ngendlela. Ukhuthaza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzise imali ngokucophelela. Uke waqokwa njengosomabhizinisi ovelele wonyaka yi Daily Maverick futhi waphinde wawina umklomelo we Absa Stokvel Awards. Sixoxa naye ngokuhlela I Trip eya kwesinye isifundazwe noma ngaphandle kwaseNingizimu Africa.

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

Sizipholele

Sizipholele is a Friday show hosted by Thembeka Zondo-Cele
Social links
Recent clips
Browse 12 clip(s)