UKHOZI NEWS BULLETIN - ELECTIONS

 

Umengameli we ANC uCyril Ramaphosa uthi iqembu linethemba ukuthi lizowuthaha umkhandlu-dolobha i Theku nabanye omasipala esifundazweni i KwaZulu-Natal okhethweni lohulumeni bezindawo okubhekwe kulo. Ekhuluma ngesikhathi ekhankasa e Magabheni eningizimu ye Theku, uRamaphosa uyivumile eminye imibono ephathelene nokhetho, kodwa wathi i ANC izimisele ukunqoba okhethweni. Uthi iqembu lithola izimpendulo ezithokozisayo ezivela kwizakhamuzi, akholwa ukuthi ziyayazi into enhle efanele i Theku nabanye omasipala.