Usihlalo weANC uGwede Mantashe akahambisani nombono wokuthi kwehlile ukwesekwa kwe-ANC kodwa ukholelwa ukuthi kukhule inani labantu abahlubuka eqenjini bazakhele awabo amaqembu. UMantashe uthi noma kunjalo, i-ANC ayikusabi ukuqhudelana namanye amaqembu.
Imiphumela yamavoti esabalwe yinhlangano ebhekelele ukhetho, i-IEC, iveza ukuthi i-ANC iyona ehamba phambili ngamavoti kuzwe lonke ngo 31,96%, i-DA isilela ngemuva ngo 26,84%, kanti i-MKP isathole u7,2%. Le miphumela ingase ishintshe njengoba kuqhubeka ukubalwa kwamavoti.



