Ngiyabingelela kuwe Mam Dudu nethimbalakho nomlaleli woKHOZI FM.
Ngibhala lesicelo ngo 01:58am ngixakekile Mam Dudu, ngiphaphama ngiphupha ngathi ngilelel
nomuntu wesilisa, kuzwakala ngathi into eyenzeka ngempela angazi ngizochaza ngithini Mam
Khoza.
Sekuyiminyaka kwenzeka loku Mam Dudu, kuza ngezindlela ezingafani, kwesinye isikhathi
ngizwe ngicindezeleka kwesinye isikhathi ngizwe isitho sam' sangasese kungathi kunento
eyenzakalayo, loku kuphinde kwenzeke nase mini. Mam Khoza noma ngifuna usizo angilutholi,
kwesinye isikhathi kuzothula okwesi khashane kubuye futhi.
Kuningi Mam Khoza kungashona ilanga. Okunye kwenzeka ezinganeni zami. Ngicela usizo Mam
Khoza,ngicela ungibuzele kulabo ababonayo noma kumlaleli ukuthi lokhu ngabe kubangwa yini,
kodwa ngibona ngathi kunemimoya engcolile kuyo yonke lento .Ngiyabonga Mam Khoza
ngiseGoli ngokuhlala.
Ngicela ukuba ngu anonymous.

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Siyabonga Mhlongo vs Mthizozo
30:20

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 5 March 2026
04:30

#Jabujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Namhlanje sizokhuluma ngodaba lokuqondisa umuntu osedlulile emhlabeni esigcina sithi ulithongo noma idlozi asikaku-kuqondisisi kahle. Ziningi izigemegeme eziseyimvukuzane yemfihlo ngabo. Lukhulu esisaf-ihlelwe lona.
17:28