JabulujuleJabulujule

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 14 January 2026

View descriptionShare

Jabulujule 9 -12

Jabulujule with Lady D kuKhozi FM is an interactive magazine show catering for a wide variety of listenership with the aim to deliver information, pro 
2,059 clip(s)
Loading playlist

Ngibingelele kuwena Mam Lady-D nakumlaleli womsakazo UKHOZI FM, ngesonto eledlule ubaba uVVO Mkhize wakhuluma ngezibusiso ezivela kumzali, nokuthi impumelelo sikhanyiselwa yibo abazali njengoba kuqala unyaka nje. Mam Khoza angiphikisi lutho kule nkulumo kodwa esimweni lapho umzali engakufiseli okuhle, kwenziwa njani? Isintu sihamba sifike kuphi kubazali ekuthi noma izingane zabo zizama kanjani kodwa kungabi khona ukubonga nokuzifisela okuhle? Engathi uma uphumelela ungangemdluli yena.

 

Abazali bethu bayasilimaza kakhulu kanti lolo hlangothi alinakisiswa kahle. Mina sengamukela ukuthi akukho engiyokwenzela umzali wami akujabulele, noma kuncane, noma kukhulu. Uyohlezi egxeka, ekhuluma amazwi amabi. Ngifisa amandla okuphuma ekhaya ukuze umoya wami ukhululeke. Uyakwazi yini ukungafiselwa lutho oluhle umuntu okuzalayo uze ucabange ukuthi uyena ovale iziznto zakho, lomuntu ngathi akafuni ukuk’bona uphumelela, ushadelwa noma uba nemali eningi..uma kwenzeka uba nazo lezinto ngathi zingatholwa nguye yedwa, hayi abanye abantu abaseduze kwakho, okusho ukuthi uhlezi enovalo lokuthi uzokhula umshiye…ngathi uphila impilo oweyifisa angazange afinyelele kuyona. Ithiwani into enjalo Mam Khoza , ngiyacabanga kodwa ukuthi angikho ngedwa kulento engikhuluma ngayo.

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

In 1 playlist(s)

  1. Jabulujule 9 -12

    2,059 clip(s)

Jabulujule

Rural Development, women empowerment, crime awareness, health and lifestyle are what characterize Ja 
Social links
Recent clips
Browse 2,082 clip(s)